TOC

This article is currently in the process of being translated into isiZulu (~99% done).

Ukuqala isifundo:

I-Visual Studio Community

I-Visual Studio iyi-professional IDE (Integrated Development Environment) athandwa abaningi abasebenzisa I-.NET. Yenziwe uMicrosoft, okunguyena futhi owenza i.NET framework lanye nolimi lokubhala ama-program u-C#, ngakho lokhu kwenza ingqondo. Ngokomlando, bekubiza kakhulu ukusebenzisa i-VS (isifushaniso segama elithi Visual Studio), kodwa ngenhlanhla yethu, uMicrosoft wakha uhlelo lwayo lwamahhala olungasetshenziswa ababhali bama-progrom futhi sekuyiminyaka eminingi lukhona.

Esikhathini esidlule, lolu hlelo lwamahhala belutholakala ngezinhlobo ezihlukahlukene ezenza imisebenzi engafani, ngokwesibonelo: U-Visual C# Express, u-Visual Web Developer njalonjalo. Nokho, manje sekunegama elilodwa elithi Visual Studio Community futhi njengohlelo lwe-Express, lolu uhlelo lwezinga eliphansi lwalolo olubizwa ngokuthi yi-professional Visual Studio. Lokho kusho ukuthi kukhona izinto ongeke uzithole kulolu hlelo, kodwa ungakhathazeki ngalokho - uhlelo lwe-Community (olwenzelwe uMphakathi) lunako konke okudingekayo ngaphandle kwezinto zamabanga aphambili kakhulu kweze-programming, ngakho lwanele ukukusiza ufunde u-C# kulesi sifundo esinikezwa lapha.

Dawuniloda Uhlelo Lomphakathi iVisual Studio Community

Manje ukuze uqale lesi sifundo, dawuniloda iVisual Studio Community lapha visualstudio.com. Nayi I-link ezokufaka ekhasini lokudawuniloda:

https://www.visualstudio.com/downloads/

Lapho usuqedile ukuyidawuniloda nokufaka kuyikhompyutha yakho, uzobe usukulungele ukuqhubeka nesihloko esilandelayo, lapho sizokwenza khona i-application yokuqala ka-C#.

Awusebenzisi iWindows?

Ungakhathazeki, lukhona nohlelo olusebenza kumakhompyutha akwa-apple i-macOS - vele nje ungene kule link engenhla bese uqikelela ukuthi ukhetha uhlelo lwe-Visual Studio Community ye-macOS!