TOC

This article has been localized into isiZulu by the community.

Ukuqala isifundo:

ISethulo

Siyakwamukela kulesi sifundo se-C#. Lapho abakwaMicrosoft bethula uhlelo lwe .Net Framework, bafaka nolimi olusha olubizwa ngokuthi yi-C# (uma uliphimisela leli gama uthi C shap). I-C# iklanyelwe ukuba ibe ulimi lokwenza i-programming olulula, lwesimanje, olusetshenziselwa izinto ezihlukahlukene, olusebenzisa inqubo yokubhala ama-program ebizwa ngokuthi yi-object-oriented programming, kanti lusebenzisa nezindlela zokwenza oluziboleke kwezinye izilimi zekhompyutha, ikakhulukazi uJava.

I-C# kunzeka ukuyiguqula ibe ikhodi eqondwa umshini wekhompyutha, kodwa empeleni, ngaso sonke isikhathi isetshenziswa kanye ne .Net Framework. Ngakho izinhlelo zekhompyutha (noma ama-application) ezibhalwe ngo-C# zidinga ukuba kudawunilodwe futhi kufakwe i-.Net Framework kumakhompyutha ezizosetshenziswa kuwo. Nakuba i-.Net Framework ivumela ukusetshenziswa kwezilimi eziningi, ngezinye izikhathi u-C# uyaye abizwe ngokuthi ulimi lwe-.Net (.Net language), cishe ngenxa yokuthi lolu limi lwakhiwa lwahlanganiswa nayo i-framework.

U-C# uwulimi lohlobo lwe-object-oriented language ngakho awunawo ama-global variables noma ama-global functions. Yonke into isongwa kulokho okubizwa ngokuthi ama-class, ngisho nezinhlobo ezilula (types) njenge-int ne-string, ezithathwe kuyi-System.Object class.

Ezahlukweni ezilandelayo, uzofundiswa ngezihloko ezibaluleke kakhulu ze-C#.